Esteri 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Intombi enhle emehlweni enkosi mayibe yinkosikazi esikhundleni sikaVashiti.” Yaba nhle leyo nto emehlweni enkosi, yenze njalo. IsiZulu 2020 Inkosi mayikhethe intombi eyoyithanda, ibe yindlovukazi esikhundleni sikaVashithi.” Sayithokozisa inkosi leso seluleko, yenza kanjalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Intombazane enhle enkosini mayibe yindlovukazi esikhundleni sikaVashiti. Le ndaba yaba mnandi enkosini; Futhi wakwenza. |
Laba lihle lelo zwi emehlweni enkosi nasezikhulwini; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani;
Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili, uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi.
inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.
Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,
Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode,