Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.
Esteri 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo. IsiZulu 2020 Wasiwa enkosini u-Ahasheveroshi ngenyanga yeshumi, inyanga okuthiwa uThebhethi, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho u-Esteri wayiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yayo yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo. |
Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.
Emva kwalokho lapho ulaka lwenkosi u-Ahashiveroshi selubohlile, yamkhumbula uVashiti nalokho akwenzileyo, nalokho okumenyezelwe ngaye.
Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.
Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.
inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.
Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda, nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda, kusukela e-Indiya kuze kufike eKushe, izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo, nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.