UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.
Esteri 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha u-Esteri wayengakhulumanga ngabantu bakubo nangezihlobo zakhe, ngokuba uMoridekayi wayeyiyalile ukuba ingakusho. IsiZulu 2020 U-Esteri akatshelanga muntu ngezihlobo zakhe noma ngabakubo, ngoba wayemdonse ngendlebe uMoridekhayi ukuba angasho lutho. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Esteri akabatshelanga abantu bakubo nomndeni wakubo, ngoba uMoridegayi wayemyalile ukuba angasho. |
UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.
U-Esteri wayengakalandi lutho ngezihlobo zakhe nangabantu bakhe, njengalokho uMoridekayi amyala ngakho, ngokuba u-Esteri wenza okushiwo nguMoridekayi njengalapho esondliwa nguye.
Wayelokhu emondla uHadasa ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi, ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle, yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe.
UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.
ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”
Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.