Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalonjalo: “Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”
AmaHubo 70:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: “Makabe mkhulu uNkulunkulu.” IsiZulu 2020 Bonke abakufunayo mabajabule, bethabe kuwe. Nalabo abathanda insindiso yakho, bahlale njalo bethi: “UNkulunkulu mkhulu.” Contemporary Zulu Bible 2024 Mabajabule, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo ukuthi: ‘Makabe mkhulu uNkulunkulu.’ |
Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalonjalo: “Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”
Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uJehova.”
Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.
Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.