Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungesuli izenzo zami zomusa engizenzileyo endlini kaNkulunkulu wami nasenkonzweni yayo.
AmaHubo 26:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi. IsiZulu 2020 Kepha mina ngihamba ngobuqotho; ngikhulule, ube nomusa kimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina ngiyakuhamba ngobuqotho bami; ngikhulule, ube nomusa kimi. |
Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungesuli izenzo zami zomusa engizenzileyo endlini kaNkulunkulu wami nasenkonzweni yayo.
Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.
nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezinqunyiweyo, nolibo. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle kimi.
Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.
Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*
wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.
Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.