“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
AmaHubo 26:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga. IsiZulu 2020 Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza. Contemporary Zulu Bible 2024 Ihubo likaDavide. Ngahlulele, Jehova; ngokuba ngihambile ekulungeni kwami; nami ngathembela kuJehova; ngakho-ke angiyikushelela. |
“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”
Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini, nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.
Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.
UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.
Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; izinyathelo zakhe azisheleli.
Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.
UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;
nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;
Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.
“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.
UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”