Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.
AmaHubo 24:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo. IsiZulu 2020 Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo, Contemporary Zulu Bible 2024 Ihubo likaDavide. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo; umhlaba nabahlala kuwo. |
Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.
Jehova Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu zivela esandleni sakho, zonke zingezakho.
U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenze njani ngamatalenta* ayikhulu engiwanike impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wathi: “UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.”
Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.
Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.
Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo.
Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.
Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,
Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.
sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.
“Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze insimbi; uyakuchoboza abantu abaningi,” kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.
Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.
“Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.