Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.
AmaHubo 135:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi. IsiZulu 2020 Mdumiseni uSimakade, ngokuba Yena muhle, lihubeleni igama lakhe, ngokuba lihle. Contemporary Zulu Bible 2024 Dumisani uJehova; ngoba uJehova muhle; hlabelelani inkazimulo yegama lakhe; ngoba kumnandi. |
Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.
Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.
Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”