AmaHubo 118:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na? IsiZulu 2020 USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na? Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova ungakimi; angiyikwesaba; umuntu angangenzani na? |
Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?
Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?
Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”
Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.
UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”