Kepha onke amashinga ayakuba njengameva alahlwayo, ngokuba angephathwe ngesandla.
AmaHubo 118:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha. IsiZulu 2020 Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Zangihaqa njengezinyosi; bayacinywa njengomlilo wameva, ngokuba ngegama likaJehova ngiyakubabhubhisa. |
Kepha onke amashinga ayakuba njengameva alahlwayo, ngokuba angephathwe ngesandla.
UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.
Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.
Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.
Ukufutheka akukho kimi; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,
Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako, njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”
Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.
Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.