Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,
AmaHubo 102:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi. IsiZulu 2020 Ngikhume umlotha njengesinkwa, nengikuphuzayo ngakuxubanisa nezinyembezi, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngidle umlotha njengesinkwa, ngixubanise okuphuzwayo kwami nezinyembezi; |
Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,
Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”
Udla umlotha; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”
Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini ezindaweni zazo ezivalelweyo, bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.