AmaHubo 102:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi; amathambo ashile njengezinkuni. IsiZulu 2020 Izinsuku zami ziphele njengomusi, namathambo asha njengezinkuni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba izinsuku zami ziyaphela njengomusi, namathambo ami avutha njengeziko. |
Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.
Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.
Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise.
Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.
Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.
“Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.
anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.