AmaHubo 102:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo; mina uqobo ngiyabuna njengotshani. IsiZulu 2020 Izinsuku zami zifana nethunzi seliyoshona, mina luqobo, ngibuna njengotshani. Contemporary Zulu Bible 2024 Izinsuku zami zinjengethunzi eliwayo; ngabuna njengotshani. |
Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?
kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.
ngokuba, “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”