Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 101:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Akukho namunye owenza inkohliso, oyohlala endlini yami, namunye oqamba amanga, oyokuma phambi kwamehlo ami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ophambayo makangahlali endlini yami; oqamba amanga akayikulibala phambi kwamehlo ami.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 101:7
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.


Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo, wena owenza amacebo.


Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.


Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


“ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.


ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.”