UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.
2 Samuweli 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi: IsiZulu 2020 Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaSimakade lafika kuNathani, lathi: Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi: |
UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.
UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uJehova unawe.”
“Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na?
‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’
Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.