Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi
2 Samuweli 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengalokho uyise angenzela umusa.” UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni. IsiZulu 2020 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, njengoba uyise angenzela ububele.” UDavide wathumela izinceku zakhe ukuba ziyomduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavida wasesithi: Ngizamenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengoba uyise wangenzela umusa. UDavide wathumela ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika ezweni labantwana bakwa-Amoni. |
Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi
Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi: “Yenza isivumelwano nathi, siyakukukhonza.”