Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi amathathu; ayenemizi engamashumi amathathu ethiwa iHavoti Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi.
1 Samuweli 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.” IsiZulu 2020 Izimbongolo zikaKishi, uyise kaSawule, zalahleka. UKishi wathi kuSawule, indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku uvuke nihambe niyofuna izimbongolo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zabhubha. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, uzilungise, uye ukufuna izimbongolo; |
Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi amathathu; ayenemizi engamashumi amathathu ethiwa iHavoti Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi.
“Nina enigibela izimbongolo ezimhlophe, nina enihlezi emacansini, nani enihamba ngendlela, kulandeni.
Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: “Nike naya ngaphi na?” Wathi: “Besiye kufuna izimbongolo; lapho sesibonile ukuthi azikho, sase siya kuSamuweli.”
Nxa usumukile kimi namuhla, uyakufumana abantu ababili ngasethuneni likaRaheli emkhawulweni wakwaBenjamini eSelisa; bayakuthi kuwe: ‘Izimbongolo owawuye ukuzifuna zitholiwe; bheka, uyihlo uyekile izimbongolo, uyenqena ngani, ethi: “Ngiyakwenze njani ngomntanami na?” ’
Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.
Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo, ngokuba zitholiwe. Ngokukabani konke okunxanelekayo kwa-Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?”
Wadabula izintaba zakwa-Efrayimi, wadabula izwe laseShalisha, kepha abazifumananga; base bedabula izwe laseShahalimi, nalapho zazingekho; wadabula izwe labakwaBenjamini, kepha kabazifumana.