Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi: “Bali, siphenduleni;” kepha akubangakho zwi, nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase-altare ebelenziwe.
1 Samuweli 5:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova. Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe. IsiZulu 2020 Kwathi bevuka abantu base-Ashidodi ekuseni ngakusasa; bheka, uDagoni wayewele phansi emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade. Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi sebeqedile e-Ashidodi ekuseni kakhulu, bheka, uDagoni wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova. Basebemthatha uDagoni bambuyisela endaweni yakhe. |
Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi: “Bali, siphenduleni;” kepha akubangakho zwi, nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase-altare ebelenziwe.
Zinezandla, kepha aziphathi; zinezinyawo, kepha azihambi; azikhulumi ngomphimbo wazo.
Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.
“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.
Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.
Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjalo uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphileyo ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.
Umbazi uqunga umkhandi isibindi, nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi, ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,” ekubethela ngezipikili, funa kunyakaziswe.
Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe; kepha uma umuntu ekhala kuye, akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe.
UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.
Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”
Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.