Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama-Aramu, wenyukela e-Afeki ukuba alwe no-Israyeli.
1 Samuweli 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi likaSamuweli lafika kuye wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki. IsiZulu 2020 Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki. Contemporary Zulu Bible 2024 Ilizwi likaSamuweli lafika kuIsrayeli wonke. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa e-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki. |
Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama-Aramu, wenyukela e-Afeki ukuba alwe no-Israyeli.
Abaseleyo babalekela emzini wase-Afeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo. Naye uBeni Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo.
“Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,
lonke izwe lamaKhanani ngaseningizimu neMehara elingelamaSidoni kuze kufike e-Afeki nasemkhawulweni wama-Amori,
kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”
AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.
UJehova wathi kuSamuweli: “Bheka, ngiyakwenza into kwa-Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.
AmaFilisti azihlela ukuhlangana no-Israyeli; impi yaqhubeka, u-Israyeli wahlulwa phambi kwamaFilisti abulala empini ngasendle kungathi abantu abayizinkulungwane ezine.
AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.
USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”