Abantu bakhe ababe noDavide wabenyusa, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe; bahlala emizaneni yaseHebroni.
1 Samuweli 27:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wahlala no-Akhishi eGati, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe, uDavide enawomkakhe bobabili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili waseKarmeli umkaNabali. IsiZulu 2020 UDavide wahlala no-Akhishi eGathi, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nabendlu yakhe, uDavide nomkakhe ababili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wahlala no-Akhishi eGati, yena namadoda akhe, kwaba yilowo nalowo nendlu yakhe, noDavide enabafazi bakhe ababili, o-Ahinohama waseJizreyeli, no-Abigayili waseKarmeli, umkaNabali. |
Abantu bakhe ababe noDavide wabenyusa, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe; bahlala emizaneni yaseHebroni.
Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.
Lapho uDavide nabantu bakhe befika emzini, bheka, wawushisiwe ngomlilo; omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo babethunjiwe.
NawomkaDavide bobabili babethunjiwe, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli.