Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.
1 Samuweli 26:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane. IsiZulu 2020 USawule wasuka wehlela ehlane eZifi ukuyofuna uDavide ehlane, ehamba nabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizi-3 000. Contemporary Zulu Bible 2024 USawule wayeseqeda, wehlela ehlane laseZifi, kanye naye abantu abayizinkulungwane ezintathu abakhethiweyo bakwa-Israyeli ukumfuna uDavide ehlane laseZifi. |
Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.
USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.
USawule wayesethatha abantu abayizinkulungwane ezintathu abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli, wahamba ukumfuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo.
Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.