1 Samuweli 24:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni. IsiZulu 2020 Wafika ezibayeni zezimvu ezaziseceleni kwendlela, kwakukhona umgede lapho; uSawule waphambukela khona ukuba ayozembesa izinyawo. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva phakathi emgedeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kwakukhona khona umhume; uSawule wangena ukumboza izinyawo zakhe, kepha uDavide nabantu bakhe bahlala ezinhlangothini zomhume. |
Nxa esephumile yena, kwafika izinceku zakhe; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: “Mhlawumbe uyembesa ezinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.”
USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane.
USawule wamisa entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane.