Base bebuya bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo, ukuba babuyele eJerusalema ngentokozo, ngokuba uJehova wayesebathokozisile phezu kwezitha zabo.
1 Samuweli 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho. IsiZulu 2020 UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile. Contemporary Zulu Bible 2024 UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyajabula kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami uvulekile phezu kwezitha zami; ngoba ngithokoza ngensindiso yakho. |
Base bebuya bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo, ukuba babuyele eJerusalema ngentokozo, ngokuba uJehova wayesebathokozisile phezu kwezitha zabo.
noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
“Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami. ngingcolisile uphondo lwami othulini.
Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.
Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.
Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.
Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.
Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.
ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.
Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.
Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.
UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.
kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.
Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”
Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,
Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo,
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”
Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise, ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.
Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho.