athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina.
1 Samuweli 11:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u-Israyeli.” IsiZulu 2020 UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngizosenza nani isivumelwano ngokuba nonke nikhiphe amehlo enu akwesokudla, lokho ngiyakukubeka kube yihlazo kuwo wonke u-Israyeli.” Contemporary Zulu Bible 2024 UNahashi wakwa-Amoni waphendula wathi kubo: “Ngalokho ngiyakwenza isivumelwano nani, ukuze ngikhiphe wonke amehlo enu okunene, ngiwabeke phezu kuka-Israyeli wonke abe yihlazo. |
athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina.
“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje, ithi: ‘Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,
Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”
Futhi awusingenisanga ezweni elivame ubisi nezinyosi, awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; uyakubhoboza amehlo alaba bantu na? Asiyikukhuphuka.”
AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni.
Ngalokho abantu baseJabeshi bathi: “Kusasa siyakuphumela kini, nenze kithi konke okuhle emehlweni enu.”
“Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.
UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”