Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 17:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UDavide wakhuluma kubantu ababemi ngakuye, wathi: “Kwenziwani kumuntu obulala lo mFilisti, asuse ihlazo lika-Israyeli na? Ngokuba ungubani lo mFilisti ongasokile ukuba edelele imiyalo kaNkulunkulu ophilayo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 17:26
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa onke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.’ ”


Wayelobe nencwadi yokumhlambalaza uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, wakhuluma okuphambene naye, wathi: “Njengalokho onkulunkulu babezizwe bengabophulanga abantu babo esandleni sami, kanjalo uNkulunkulu kaHezekiya akayikubophula abantu bakhe esandleni sami.”


Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?


Usenza isihlamba kubakhelwane bethu, inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo.


Khumbula lokhu, Jehova, ukuthi isitha sithukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Buyisela kubakhelwane bethu, kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,


iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.’ ”


kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.


Uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini waseJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.


UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.


Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na?


Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,


Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u-Israyeli.”


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


UmFilisti wathi: “Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.”


Wamfulathela, wabheka komunye, wakhuluma lona lelo zwi; abantu bamphendula njengakuqala.


Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”


USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka