UShimeyi indodana kaGera umBenjamini waseBahurimi washesha wehla nabantu bakwaJuda ukuyihlangabeza inkosi.
1 Samuweli 10:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uyakwehla phambi kwami ukuya eGiligali; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike kuwe, ngikutshele oyakukwenza.” IsiZulu 2020 “Uyohamba phambi kwami uye eGiligali, bheka ngizokuza kuwe ukuze nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula. Uyohlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike lapho ukhona, ngikutshele oyakukwenza.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe wehlele phambi kwami eGiligali; bheka, ngiza kini ukunikela ngeminikelo yokushiswa nokuhlabela iminikelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa ngize ngifike kuwe, ngikutshele omelwe ukwenze. |
UShimeyi indodana kaGera umBenjamini waseBahurimi washesha wehla nabantu bakwaJuda ukuyihlangabeza inkosi.
Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula, anikele ngomnikelo womlilo kuJehova amanoni awo, nomsila wonke ononileyo, awunqume eduze nomhlandla, namanoni asibekela izibilini, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,
Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.
Wonke u-Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali.
USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.