Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
URuthe 3:2 - IsiZulu 2020 UBhowazi lona obusebenza nezincekukazi zakhe akayiso yini isihlobo sethu esisondele, na? Bheka, namuhla kusihlwa uyokwela ibhali esibuyeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Manje uBhowazi akayena owesizukulwane sethu, okabani izintombi zakho? Bheka, uzuza ibhali kulobubusuku esibuyeni. |
Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, u-Elimelekhi, esasicebe kakhulu, igama laso kunguBhowazi.
UBhowazi wayesethi kuRuthi: “Lalela lapha ndodakazi yami. Ungayi ukuyokhothoza kwenye insimu, futhi ungasuki lapha; sondelana nezincekukazi zami.
UNawomi, uninazala kaRuthi, wathi kuye: “Ndodakazi yami, ngingakufuneli yini umuzi ukuze konke kukuhambele kahle, na?
Geza, uziqhole ngamakha, ugqoke kahle bese wehla uye esibuyeni. Ungaqale uziveze kuye engakaqedi ukudla nokuphuza.