URuthe 1:2 - IsiZulu 2020 Igama laleyo ndoda kwakungu-Elimelekhi, umkayo kunguNawomi, amadodana ayo amabili kunguMahaloni noKhiliyoni; babengama-Efratha aseBhethlehema kwaJuda. Bafika kwaMowabi bahlala khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, amagama amadodana akhe amabili ayengoMahaloni noKiliyoni; babe ngama-Efratha aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona. |
“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”
Kwakukhona insizwa eBhethlehema kwaJuda, ingeyesizwana sakwaJuda. YayingumLevi, igogobele lapho.
Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.
U-Elimelekhi, umyeni kaNawomi, wafela lapho; uNawomi wasala namadodana akhe amabili.
Bobabili oMahaloni noKhiliyoni bafa. UNawomi wayesefelwe ngumyeni wakhe namadodana akhe omabili.
UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, u-Elimelekhi, esasicebe kakhulu, igama laso kunguBhowazi.
Wathi kumalunga nakubo bonke abantu ababelapho: “Namhlanje ningofakazi bokuthi ngikuthenge konke okuka-Elimelekhi nalokho okwakungokukaKhiliyoni noMahaloni obekusesandleni sikaNawomi.
Kwakukhona umuntu othile eRamathayimi Zofimu kwelezintaba kwa-Efrayimi, igama lakhe kungu-Elikhana, indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaZufi, wakwa-Efrayimi.
UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule.