Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
UNumeri 9:15 - IsiZulu 2020 Ngosuku okwamiswa ngalo ithabanakeli, ifu lalilisibekela ithabanakeli nethende lobufakazi; kusihlwa laliba phezu kwethabanakeli libonakale njengomlilo kuze kube sekuseni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngosuku lokumiswa kwetabernakele ifu lasibekela itabernakele eliyitende lobufakazi; |
Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.
Emini uSimakade wayehamba phambi kwabo ngensika yefu ukubakhombisa indlela, kuthi ebusuku ahambe phambi kwabo ngensika yomlilo ukuze abakhanyisele, bahambe ubusuku nemini.
Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi.
“Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakulimisa ithabanakeli lethende lokuhlangana.
Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli.
UMose akakwazanga ukungena ethendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli.
Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.
USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo.
Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku.
Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula olwandle,
owayehamba phambi kwenu endleleni enifunela indawo yokuba nikanise kuyo. Ebusuku wayenibonisa ngomlilo indlela enizohamba ngayo, nangefu emini.