Makungasali lutho lwalo kuze kuse, okuyosala kuze kube sekuseni niyokushisa ngomlilo.
UNumeri 9:12 - IsiZulu 2020 Abayukushiya lutho kuze kube sekuseni, abayukuphula thambo lalo. Bayakuligcina iphasika njengokwezimiso zalo zonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE abayikushiya lutho kuze kube sekuseni, bangaphuli thambo lalo; ngokwezimiso zonke zephasika bayakulenza. Contemporary Zulu Bible 2024 Abanakushiya lutho lwakho kuze kube sekuseni, bangaphuli thambo lakho; ngokwezimiso zonke zephasika bayakuligcina. |
Makungasali lutho lwalo kuze kuse, okuyosala kuze kube sekuseni niyokushisa ngomlilo.
USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,
“Liyodlelwa endlini eyodwa, aniyukukhiphela lutho oluyinyama yaleso silwane phandle, futhi aniyukwephula ngisho nelilodwa ithambo laso.
Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.
Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.
Ngosuku lwe-14 lwaleyo nyanga kusihlwa, niyakuligcina ngesikhathi esimisiweyo, njengokwazo zonke izimiso zalo nemithetho yonke yokugcinwa kwalo.”
Ngokuba lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyukwaphulwa thambo lakhe.”