Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.
UNumeri 9:1 - IsiZulu 2020 USimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ngonyaka wesibili ngenyanga yokuqala bephumile eGibhithe, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe, wathi: |
Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.
Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili.
Ngenyanga yokuqala ngonyaka wesibili, ngosuku lokuqala lwenyanga, ithabanakeli lamiswa.
“Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakulimisa ithabanakeli lethende lokuhlangana.
Ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili ngonyaka, wesibili abakwa-Israyeli bephumile eGibhithe, uSimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ethendeni lokuhlangana, wathi: