UNumeri 8:2 - IsiZulu 2020 “Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho ku-Aroni, uthi kuye: ‘Nxa ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa mazikhanyise ngaphambi kothi lwezibani.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Tshono kuAroni uthi kuye: Nxa ukhanyisa izibane, izibane eziyisikhombisa zizakhanyisa phambi koluthi lwesibane. |
Wenza izibani zalo eziyisikhombisa, nezindlawu zalo nezingqwembe zegolide elicwengekileyo zokukhongozela amalahle avuthayo.
uthi lwezibani olwenziwe ngegolide elicwengekileyo nezibani zalo zihleliwe, nakho konke okuhambisana nalo, amafutha okukhanyisa,
Wayesebeka izibani phambi kukaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.
U-Aroni wenza kanjalo, wabeka izibani zalo ukuze zikhanyise phambi kothi lwezibani njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.
Ngaphenduka ukuba ngibone leli lizwi elalikhuma nami. Sengiphenduka, ngabona izinti zezibani zegolide eziyisikhombisa.
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”
Esihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, amazwi, nokuduma. Izibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya bakaNkulunkulu abayisikhombisa.