Kepha u-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, owayengomncane, wabeka isandla sokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe ukuze asibeke kuManase owayeyizibulo.
UNumeri 8:18 - IsiZulu 2020 Nokho ngizithathele abaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngithabathile amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngathatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli. |
Kepha u-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, owayengomncane, wabeka isandla sokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe ukuze asibeke kuManase owayeyizibulo.
“Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami.
Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli.
Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe.
AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”