Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
UNumeri 7:62 - IsiZulu 2020 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, IBHAYIBHELI ELINGCWELE nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, Contemporary Zulu Bible 2024 Indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; |
Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
Bayoletha njengomnikelo kuSimakade, bonke abafowenu bevela ezizweni zonke ngamahhashi, ngezinqola, ngezinhlaka, ngeminyuzi nangamakameli, bayoza entabeni yami engcwele, iJerusalema,” kusho uSimakade, “njengalokhu abakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaSimakade.
Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu kombhubhisi.”
Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.
Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.
Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.
Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
Enye ingelosi yeza, yema ngase-althare, iphethe isithunqiso segolide, yanikwa impepho eningi ukuba iyenezelele emikhulekweni yabangcwele bonke, phezu kwe-althare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.
Intuthu yempepho kanye nemikhuleko yabangcwele kwenyukela phambi kukaNkulunkulu, kusuka esandleni sengelosi.