“ ‘Abayukuphuca emakhanda abo, bangabi nazihluthu, kepha bagunde emakhanda abo.
UNumeri 6:5 - IsiZulu 2020 “ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobunaziri akuyukusondela nsingo ekhanda lakhe; uyoba ngcwele zize ziphelele izinsuku azehlukanisela ngazo kuSimakade, uyakuvumela ukuba nesihluthu ekhanda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side. Contemporary Zulu Bible 2024 Zonke izinsuku zesithembiso sokuzehlukanisa kwakhe akuyikunqunyulwa mpuco ekhanda lakhe; zize zigcwaliseke izinsuku zokuzahlukanisela kwakhe uJehova, uyakuba ngcwele, ayeke ukuhluthuka kwekhanda lakhe kukhule. |
“ ‘Abayukuphuca emakhanda abo, bangabi nazihluthu, kepha bagunde emakhanda abo.
Zonke izinsuku zakhe njengomnaziri, akayukudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini.
Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.
ngoba uzakukhulelwa, uzale indodana: awuyukuliphuca ikhanda layo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israyeli esandleni samaFilisti.”
Ngakho-ke wayesemtshela yonke imfihlo yakhe, wathi kuye: “Ikhanda lami alikaze liphucwe ngensingo, ngokuba ngingumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni sikamame. Uma ngigundwa ayophela amandla ami, ngibe ntekenteke, ngifane nabo bonke abantu.”
Wamlalisa emathangeni akhe, wayesebiza indoda, wamphuca amagoda ayisikhombisa ayesekhanda lakhe. Waqala ukumhlupha, amandla akhe asuka kuye.
Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”