Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 6:3 - IsiZulu 2020

uyozehlukanisa newayini nophuzo olunamandla. Akayukuwuphuza uviniga wewayini, uviniga wophuzo olunamandla, akayukuphuza lutho lwezithelo zomvini, futhi akayukuwadla amagilebhisi asemasha noma omisiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Angayeka iwayini nophuzo oludakayo, angaphuzi viniga wewayini noma uviniga wesiphuzo esinamandla, angaphuzi isiphuzo samagilebhisi, angadli izithelo zomvini ezimanzi noma izithelo zomvini ezomisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 6:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho, nxa ningena ethendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.


Ngavusa amanye amadodana enu aba ngabaphrofethi, nezinye izinsizwa zenu zaba ngamaNaziri. Akunjalo yini bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade.


“Kodwa naphuzisa amaNaziri iwayini, nenqabela abaphrofethi, nithi: ‘Ningaphrofethi.’


Zonke izinsuku zakhe njengomnaziri, akayukudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini.


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Ungaphuzi amanzi wodwa, kodwa phuza kancane newayini ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka obukuvamileyo.


Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


Akayukudla lutho oluvela esithelweni somvini, akayukuphuza wayini noma uphuzo olunamandla, futhi akayukukudla okungcolileyo. Makakugcine konke engimyale ngakho.”


Qaphela ukuthi ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo,