UNumeri 5:6 - IsiZulu 2020 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane benza isono esivame esintwini sonke, baphambuke kuSimakade, lowo muntu uyoba necala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova, lowo muntu abeseba necala, Contemporary Zulu Bible 2024 Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza noma yisiphi isono umuntu ona ngaso, enze isono kuJehova, lowo muntu abe necala; |
“ ‘Uma engenamandla okukhipha imvu, uyoletha kuSimakade amahobhe amabili ngenxa yesono asenzileyo, noma amaphuphu amabili amajuba; elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.
Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:
UJoshuwa wathi ku-Akhani: “Ndodana yami, mnikeze udumo uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uvume kuye isono sakho. Ngitshele manje ukuthi wenzeni; ungangifihleli lutho.”