Abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo, babakhiphela ngaphandle kwenkambu; njengalokhu uSimakade ayekhulume noMose, benza kanjalo-ke abantu bakwa-Israyeli.
Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo, babakhiphela ngaphandle kwekamu; njengalokho uJehova ekhulume kuMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.
Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo, babaxosha ekamu; njengalokho uJehova ekhulumile kuMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli.
U-Uziya, inkosi, waba nochoko waze waficwa lusuku lokufa kwakhe. Wayehlala endlini eyehlukanisiwe kwezinye, ngokuba enochoko. Wanqatshelwa ukuba angene endlini kaSimakade, ngokuba wayenochoko. UJothamu, indodana yakhe, wengamela indlu yenkosi, futhi wehlulela abantu bezwe.
Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.
Bonke abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayebayalile ngoMose no-Aroni.
Niyokhiphela ngaphandle kwenkambu abesilisa nabesifazane, ukuze bangalingcolisi inkambu engihlala kulo.”
USimakade wakhuluma kuMose, wathi: