Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 5:28 - IsiZulu 2020

Kodwa uma engazingcolisanga, ehlambulukile, uyakukhululeka, akhulelwe, athole abantwana.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha uma owesifazane engangcolisiwe kodwa ehlambulukile, uyakukhululeka, athole inzalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi uma owesifazane engangcolile, kodwa ehlanzekile; khona-ke uzokhululeka futhi akhulelwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 5:28
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!


Umphristi uyomfungisa owesifazane, athi: “Uma kungekho ndoda elale nawe, uma ungaphambukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, khululeka kulawa manzi ababayo aletha isiqalekiso,


Uma esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma ezingcolisile wenza ukungethembeki kumyeni wakhe, amanzi aletha isiqalekiso ayongena kuye, alethe isiqalekiso esibi, avuvukalise isisu sakhe, ashwabanise ithanga lakhe, owesifazane abe yisiqalekiso phakathi kwabakubo.


“ ‘Yilona umthetho wesikhwele, uma umfazi ephambukile esephansi kwendoda yakhe, wazingcolisa,


Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.


“Lapho umuntu ethatha umfazi, amgane, kodwa angabe esamthokozisa ngoba ethole kuye okuthile okwenyanyekayo, uyombhalela incwadi yesehlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, bese emkhipha endlini yakhe.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,