Njengokwezwi lokugcina likaDavide, leli yinani labozalo lukaLevi, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu.
UNumeri 4:47 - IsiZulu 2020 kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala ethendeni lokuhlangana, IBHAYIBHELI ELINGCWELE kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana, Contemporary Zulu Bible 2024 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abeza ukwenza inkonzo yenkonzo nenkonzo yokuthwala etendeni lokuhlangana, |
Njengokwezwi lokugcina likaDavide, leli yinani labozalo lukaLevi, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu.
AbaLevi babalwa kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu. Inani labo laliyizi-38 000.
“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.
kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.
kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kube kwabaneminyaka engama-50, uyobabala bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.
Yilabo ababalwayo, bemindeni yamaKhohathi, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose.
Bonke ababalwayo babaLevi, ababalwa nguMose no-Aroni nabaholi bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo,