USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.
UNumeri 4:20 - IsiZulu 2020 Abanakungena ukuba babuke okungcwele ngisho umzuzwana nje, funa bafe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa akumelwe bangene ukuze babone lapho izinto ezingcwele zisitshekelwe, funa bafe. |
USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.
Uyoyibeka impepho emlilweni phambi kukaSimakade ukuze ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi.
Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa.
Bayokwenza wonke umsebenzi wakho nomsebenzi wonke wethende, kodwa abayukusondela empahleni yendlu engcwele nase-althare, ukuze bona nani ningafi.
“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.
kodwa niyakubaphatha kanje ukuze baphile, bangafi uma besondela ezintweni ezingcwelengcwele: u-Aroni namadodana akhe bayongena babanikeze yilowo nalowo umsebenzi wakhe nomthwalo wakhe.
Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.
Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.