Niyothatha umholi ngamunye kuleso naleso sizwana ukuba abe izwe libe yifa lenu.
UNumeri 34:29 - IsiZulu 2020 Yilabo uSimakade abayala ukuba behlukanisele abantu bakwa-Israyeli ifa, eKhanani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa-Israyeli ifa ezweni laseKhanani. Contemporary Zulu Bible 2024 Laba yibo iNkosi eyabalaya ukwabela abantwana bakoIsrayeli ifa elizweni leKhanani. |
Niyothatha umholi ngamunye kuleso naleso sizwana ukuba abe izwe libe yifa lenu.
USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi:
Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.