UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala.
UNumeri 31:53 - IsiZulu 2020 Amabutho wona ayezithathele impango, kwaba yilelo nalelo ngokwalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba amadoda empi ayezithathele impango, kwaba yileyo naleyo ngokwayo. Contemporary Zulu Bible 2024 (Ngokuba amadoda empi athatha impango, kwaba yilowo nalowo ngeyakhe.) |
UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala.
Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuSimakade, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, laba ngamashekeli ayizi-16 750.
Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango.
Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona.