“ ‘Uma umuntu ebiziwe ukuba ethule ubufakazi obufungelwe ngalokho akuzwile, athi noma ekwazi ukubethula ubufakazi njengomuntu obonile noma olwaziyo udaba, kodwa athule angakhulumi, lowo uyothwala icala.
UNumeri 30:15 - IsiZulu 2020 Kepha uma izenze ize mhla izwa ngazo, iyolithwala icala lakhe.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uba eyichitha ngemva kokuzwa; khona izathwala ububi bakhe. |
“ ‘Uma umuntu ebiziwe ukuba ethule ubufakazi obufungelwe ngalokho akuzwile, athi noma ekwazi ukubethula ubufakazi njengomuntu obonile noma olwaziyo udaba, kodwa athule angakhulumi, lowo uyothwala icala.
Kodwa uma indoda yakhe kuthi ngosuku ezwa ngalo, ikwenze ize konke okwaphuma emlonyeni wakhe mayelana nezifungo zakhe nangesibopho sakhe, akuyukuhlala kunjalo, ngokuba indoda yakhe ikwenze ize; uSimakade uyomthethelela.
Kodwa uma indoda yakhe ithulile ayasho lutho kuye, kwadlula izinsuku ngezinsuku, iyaziqinisa zonke izifungo zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile ngosuku eyezwa ngalo.
Yilezo izimiso, uSimakade ayala ngazo uMose, eziyoba phakathi kwendoda nomkayo, uyise nendodakazi engaganile esahlala kubo.
Kodwa uma uyise emenqabela ngosuku ezwa ngalo, zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo aziyukuma; uSimakade uyomthethelela, ngoba uyise emenqabele.
Kepha uma indoda yakhe imelana nakho ngosuku ekuzwa ngalo, uyakuzephula izifungo ayezibophezele ngazo, noma lokho asheshe wakukhuluma ngomlomo wakhe wazibophezela ngakho; uSimakade uyakumthethelela.
Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.