UMose wathatha imali eyisihlengo salabo okwakweqe ngabo kulabo ababehlengwe ngabaLevi,
UNumeri 3:50 - IsiZulu 2020 emazibulweni abantu bakwa-Israyeli wathatha imali engamashekeli ayi-1 365 ngokweshekeli lendawo engcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuwo amazibulo abantwana bakwa-Israyeli wayithatha imali, amashekeli* ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Wayithatha imali kumazibulo abantwana bakwa-Israyeli; amashekeli ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele; |
UMose wathatha imali eyisihlengo salabo okwakweqe ngabo kulabo ababehlengwe ngabaLevi,
UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.
wangena kwaba kanye kuphela endaweni engcwele, hhayi ngegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngegazi lakhe, esezuzile ukuhlengwa okuphakade.
Nina niyazi ukuthi nahlengwa ezintweni ezingasho lutho zokhokho benu, hhayi ngezinto eziphelayo njengesiliva noma igolide,
UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.