AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
UNumeri 3:35 - IsiZulu 2020 Umholi wendlu kakhokho wemindeni yamaMerari kwakunguZuriyeli, indodana ka-Abhihayili, bona bayakukanisa ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho. Contemporary Zulu Bible 2024 Isikhulu sendlu kayise wemindeni yakwaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; kumelwe bakanise ohlangothini lwetabernakele, olubheke enyakatho. |
AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
Ibhanela lenkambu yakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaDani kungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
Inani labo bonke abesilisa ababalwa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-6 200.
Umsebenzi owawumiselwe abozalo lwakwaMerari kwakungukunakekela amapulangwe ethabanakeli: imishayo, izinsika, izisekelo zalo, nazo zonke izimpahla zalo, nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.