UNumeri 3:21 - IsiZulu 2020 KuGereshomi kwavela umndeni kaLibhini nokaShimeyi, lena yiyona imindeni yakwaGereshoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni. Contemporary Zulu Bible 2024 KwaGereshoni kwavela umndeni wakwaLibini nomndeni wakwaSimi; lezi ziyizizukulwane zamaGereshoni. |
Lawa ngamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: nguGereshomu, uKhohathi, noMerari. Iminyaka kaLevi yokuphila yaba yi-137.
umndeni wendlu kaLevi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa, umndeni kaShimeyi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa.
Nansi imindeni yabaLevi: umndeni wabakwaLibhini, umndeni wabakwaHebhroni, umndeni wabakwaMaheli, umndeni wabakwaMushi, nomndeni wabakwaKhora. UKhohathi wazala u-Amramu.
Amadodana kaMerari ngemindeni yawo: uMaheli noMushi. Leyo yimindeni yabaLevi ngezindlu zokhokho babo.
Inani labo bonke abesilisa ababalwayo, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-7 500.
“Bala inani labozalo lukaGereshoni ngokwezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo,
Abozalo lukaGerishoni bathola imizi eli-13 emindenini yesizwana sakwa-Isakhare, esakwa-Asheri, esakwaNafethali nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, eBhashani.