UNumeri 3:19 - IsiZulu 2020 Amadodana kaKhohathi ngemindeni yawo: u-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Namadodana kaKohati ngemindeni yawo: o-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana kaKohati ngemindeni yawo; u-Amramu no-Ishehari, uHebroni no-Uziyeli. |
KuHemani: amadodana kaHemani: nguBhukiya, uMathaniya, u-Uziyeli, uShebhuweli, uJerimothi, uHananiya, uHanani, u-Eliyatha, uGidalithi, uRomamithi Ezeri, uJoshibhekasha, uMalothi, uHothiri noMahaziyothi.
AbaLevi base besukuma: uMahathi, indodana ka-Amasayi, noJoweli, indodana ka-Azariya, wozalo lwamaKhohathi. Kwabozalo lukaMerari: kwakunguKhishi, indodana ka-Abhidi no-Azariya, indodana kaJahaleli. Kwabozalo lukaGereshoni: kwakunguJowa, indodana kaZima no-Edene, indodana kaJowa.
Lawa ngamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: nguGereshomu, uKhohathi, noMerari. Iminyaka kaLevi yokuphila yaba yi-137.
Amadodana kaKhohathi: ngu-Amramu, uJizihari, uHebhroni, no-Uziyeli. Iminyaka kaKhohathi yokuphila yaba yi-133.
U-Amramu wathatha uJokhebedi uyisekazi, waba ngumkakhe, wamzalela u-Aroni noMose. Iminyaka ka-Amramu yokuphila yaba yi-137.
umndeni wendlu kaLevi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa, umndeni kaShimeyi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa.
Amadodana kaMerari ngemindeni yawo: uMaheli noMushi. Leyo yimindeni yabaLevi ngezindlu zokhokho babo.
KuKhohathi kwavela le mindeni: oka-Amramu, okaJizihari, okaHebhroni noka-Uziyeli. Yilena imindeni kaKhohathi.