Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 3:16 - IsiZulu 2020

UMose wababala abaLevi njengezwi likaSimakade, njengalokhu ayemyalile uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho eyaliwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 3:16
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro.


“Bala abozalo lwabaLevi ngezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo; uyobala bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu.”


Lawa ngamadodana kaLevi ngamagama awo: uGereshoni, uKhohathi noMerari.


Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.


UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze.


Yilabo ababalwayo, bemindeni yamaKhohathi, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose.


Yilabo ababalwayo bemindeni yozalo lukaGereshoni, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade.


Yilabo ababalwayo, bemindeni yozalo lukaMerari, ababalwa nguMose no-Aroni njengokusho kukaSimakade ngesandla sikaMose.


Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe. Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Abaphristi, amadodana kaLevi, bayosondela, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaSimakade; yibona abayokhipha isinqumo mayelana nakho konke ukuxabana nokulwa.