Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro.
UNumeri 3:16 - IsiZulu 2020 UMose wababala abaLevi njengezwi likaSimakade, njengalokhu ayemyalile uSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho eyaliwe. |
Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro.
“Bala abozalo lwabaLevi ngezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo; uyobala bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu.”
Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.
UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze.
Yilabo ababalwayo, bemindeni yamaKhohathi, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose.
Yilabo ababalwayo bemindeni yozalo lukaGereshoni, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade.
Yilabo ababalwayo, bemindeni yozalo lukaMerari, ababalwa nguMose no-Aroni njengokusho kukaSimakade ngesandla sikaMose.
Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe. Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
Abaphristi, amadodana kaLevi, bayosondela, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaSimakade; yibona abayokhipha isinqumo mayelana nakho konke ukuxabana nokulwa.