Ukubalwa kwabaphristi kwakuya ngokwezindlu zoyise; abaLevi babebhalwa kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwemisebenzi yabo nezigaba zabo.
UNumeri 3:15 - IsiZulu 2020 “Bala abozalo lwabaLevi ngezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo; uyobala bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.” Contemporary Zulu Bible 2024 Bala abantwana bakwaLevi ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo: bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu uyakubabala. |
Ukubalwa kwabaphristi kwakuya ngokwezindlu zoyise; abaLevi babebhalwa kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwemisebenzi yabo nezigaba zabo.
“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.
USimakade wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthande ngothando lwaphakade, ngakho-ke ngikudonsile ngomusa.
kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo.
AbaLevi ababalwanga ngokwesizwana sokhokho babo njengezinye izizwana zakwa-Israyeli.
Nampa ababalwayo kubaLevi ngemindeni yabo: kuGereshoni: ngumndeni wabakwaGereshoni; kuKhohathi: ngumndeni wabakwaKhohathi; kuMerari: ngumndeni wabakwaMerari.
Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli.
UMose wababala abaLevi njengezwi likaSimakade, njengalokhu ayemyalile uSimakade.
Inani labo bonke abesilisa ababalwayo, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-7 500.
Inani labo bonke abesilisa ababalwa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-6 200.
UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.